Umbhishobhi
Umbhishobhi ungumfundisi ogunyazwe ukwengamela isifunda sebandla sobuKristu, ukufundisa ngezenkolo, ukuqoka nokugcoba abafundisi, nokukhipha izigwebo mayelana izimpikiswano emingceleni yendawo engamelwa nguye. Ngesinye isikhathi, umbhishobhi akanikezwa isifunda sakhe. Kungenzeka abeyisekela noma iphini lomunye umbhishobhi, noma aphathe izinhlelo ezithile noma anikezwe isikhundla esinye. Kungenzeka ukuthi lamabhishobhi angameli isifunda, anikezwe isithakazo sesifunda esingekho njengophawu wesikhundla sabo.
Indima noma isikhundla sombhishobhi sibizwa ngokuthi ububhishobhi ngesiZulu. Kukhona amabandla obuKristu anganawo amabhishobhi. Amabandla avamile ukuba namabhishobhi ngamaKatolika, ama-Orthodox aseMpumalanga, ama-Anglican, kanye nama-Luthere. Amabandla wama-Pentekosti awavamanga ukuba namabhishobhi.
Ngokwesiko, amanye amabandla akholwa ukuba amabhishobhi abo bayizindlalifa zamapostoli (abafundi bakaJesu Kristu). Amanye amabhishobhi ngabaholi bamabandla, isib., umbhishobhi waseRoma ungumholi weSonto lamaKatolika, umbhishobhi waseCanterbury ungumholi weSonto laseNgilandi kanye noMdlelandawonye wama-Anglican, umbhishobhi waseMoskva ungumholi weSonto lama-Orthodox laseRashiya. Emandulo amanye amabhishobhi wayengabakhosi: uPapa wayeyinkosi yeZizwe zikaPapa empakathini yenhlonhlo yaseTaliya futhi Umbuso wamaRoma oNgcwele (eyayiqukethe iJalimani, i-Ostriya kanye neNetherlands) wawunamaKhosana-Mbhishobhi ngengeNkosana-Mbhishobhi Mkhulu waseSalzburg noma waseWürzburg. Amanye amabhishobhi abizwa ngezithakazelo ezahlukene njengo-Cardinal (ngokobuKatolika) kanye no-Archbishop (Umbhishobhi oMkhulu, ngokobu-Anglican).
Amabhishobhi amaningi anesakhiwo sesonto esibizwa inhlokosonto (isiNgisi: Cathedral, isiLathini: Ecclesia Cathedralis) eyindlunkulu yawo. Lelisonto linesihlalo esibizwa i-cathedra esinguphawu lwegunyo labo lokufundisa. Uma befundisa ngokuthile okumqoka noma okufanelwe kuhlonishwe, lokhu kubizwa ukukhuluma ex-cathedra (ngesiZulu: ngokuphuma esihlalweni). Amanye amabhishobhi ngamalungu ezikhundla zombusazwe, isib. amabhishobhi aseNgilandi ngamalungu weNdlu yamaKhosi yoMbuso oHlangeneyo (babizwa amaKhosi weNkolo). Amabhishobhi agqoka izimpahla ezikhombisa isikhundla sabo njengezingubo, imiqhele (isib., i-miter), izindandathu, ubucwebe besiphambano esifubeni, futhi baphatha nentonga yabelusi.