close
Jump to content

Isidlo seNkosi

Kubuya ku Wikipedia
Isithombe sesidlo sasekusihlwa sokugcina esidwetshwe nguLeonardo da Vinci

Isidlo senkosi siyisiko sobuKhrestu lapho abantu badla isinkwa futhi baphuze newayini.Ngosuku olwalungaphambi kokubulawa kwakhe, uJesu wayenesidlo sasekusihlwa nabafundi bakhe. iTestamente eLisha lithi uJesu ubayalele ukuthi benze lesiko njengesikhumbuzo sakhe. Uthe isinkwa singumzimba wakhe, futhi iwayini iyigazi lwemvumelano yakhe entsha eyophalelwa izono zabantu. Isidlo sakekusihlwa sokugcina sikaJesu senzeke ngenkathi yePhasika.

Izinxenye zeSidlo seNkosi ziqukatha isinkwa — kungaba esivutshelweyo noma esingenamvubelo —kanye nesiphuzo. AmaKatolika, ama-Anglican, amaLuthela, ama-Eastern Orthodox nama-Oriental Orthodox aphuza iwayini, amaWesile, amaBhabhadisi kanye nabazalwane basePlymouth baphuza isiphuzo samagilebhisi esinganawo utshwala, bese iSonto leziNsuku zokuGcina liphuza amanzi. Isinkwa nesiphuzo siyakhulekelwa ukuze sibengcwele ukuthi sisetshenzisekelwe lesiko.

Amabandla wamaKristu ayavumelana ukuthi uJesu uyabandakanywa kulesisiko kodwa bayahluka ngalendlela akhona ngayo. iSonto lamaKatholika neSonto lobuOrthodox laseMpumalanga afundisa ukuthi uma umfundisi noma umbhishobhi ekhulekela isinkwa newayini, ziphenduka igazi newayini kaJesu, nakuba abantu babona futhi banambitha isinkwa newayini ejwayelekile. Lamasonto afundisa ukuthi nakuba okwenyama abantu babona isinkwa newayini, ingqingthi yalezinxenye iguqulwa ukuze ibe umzimba negazi likaJesu. AmaLuthela avumelana namaKatolika nama-Orthodox ngokuba isinkwa newayini zingumzimba negazi kaJesu. AmaKatolika nama-Orthodox abuka isidlo njengesihlatshelo esenzelwa uNkulunkulu kodwa amaLuthela abuka isidlo njengesipho esivela kuNkulunkulu asinikeza abantu.

AmaKhalivini akholwa ukuba ingqikithi yesinkwa newayini ayiphenduki umzimba negazi kaJesu. Bakholwa ukuba umzimba negazi kaJesu uhlala ezulwini kodwa uMoya oyiNgcwele wenza isinkwa newayini umzimba negazi ngokwomoya. Ama-Anglican ambaxambili ngalendaba: Ama-Anglican wobu-Evangelical akholwa ukuthi umzimba negazi ukhona ngokwomoya, kodwa ama-Anglican wobuKatolika akholwa ukuthi umzimba negazi ukhona engqingithini yesidlo.Abazalwane basePlymouth bakholwa ukuthi isidlo siwuphawu.Isidlo sibalulekile kangangokuthi ukwala ukudla isidlo nebandla elithile kuveza ukuphula kwobudlelwane. Kungakho ukugwema ukudla isidlo nebandla elithile kwembula ukulisola, noma ukungabona ngasolinye kwezenkolo. Isidlo simqoka empilweni yobuKristu kangangokuthi isijeziso sebandla elithile emtwini kungaba ukukhawula ukudla isidlo seNkosi.